Sizibophezeleukuhlinzeka wonke amalunga nemindeni yawo ukuze akwazi ukungena kwizinzuzo ezikhokhelekayo nezigcwelengezinhlobo zezinkethi zezinzuzo ezi 5. Kusukela kwajoyina ilunga lokuqala u-GEMS ngo 2006, sesibhekane nokukhula okungakaze kwaba khona ngaphambili futhi sajika zonke izinto ekubeni isikimu sezokwelapha esihamba phambili, esisebenza ngokuyimpumelelo nesikhokhelekayo sabo bonke abasebenzi Bamasevisi Omphakathi.
Noma iliphi iqembu labaqashi elivunywe yiSkimu.
U-GEMS uhlinzeka ngezinzuzo ezikhokhekayo kubo bonke abantu!
Wonke umuntu angakwazi ukuba namandla okujoyina u-GEMS, ngoba inani lemali olikhokhela ukuba ilunga leSkimu lincike emalini oyiholayo. Lokhu kusho ukuthi uzokhokha imali engaphansi ngenkethi yezinzuzo efanayo kunomuntu ohola ngaphezu kwakho. Ukuthi ukhokha malini kuncike futhi kusayizi womndeni wakho nokuthi iyiphi inkethi kweziyisihlanu oyikhethayo.
ISkimu esikhathalele ngokuyiqiniso futhi esigxile kwizidingo zakho siyalalela uma amalunga ethu ekhuluma!
Izinzuzo zonakekelo lwezempilo ezihamba phambili kumareythi akhokhekayo.
Ubumfihlo obuphelele - ulwazi lwakho lwezokwelashwa lugcinwa luyimfihlo ngokugcwele ngaso sonke isikhathi -ngisho nakumqashi wakho.
Ukuxhumana namalunga ngezikhathi ezifanele.
Isevisi yamakhasimende enobungani neqeqeshekile Ezikhungweni Zezingcingo na nakumahhovisi ethu ezifunda.
Amahhovisi ezifunda ezweni lonke ukuze ube nokuxhumana okulula uma udinga usizo namasevisi.
Isinyathelo 2: Gcwalisa ifomu - qinisekisa ukuthi ugcwalisa zonke izigaba ngokuphelele futhi uhlinzeke ngemibhalo esekelayo eceliwe bheka: Imiphi imibhalo odinga ukuyifaka nesicelo sakho?
Imiphi imibhalo odinga ukuyifaka nesicelo sakho?
Uma ungathanda ukujoyina u-GEMS, uzodinga ukuhlinzeka ngamakhophi aqinisekisiwe emibhalo ethile, njengomazisi, wakho nowamalunga omndeni wakho, kanye nefomu yesicelo sakho. Xhumana newebusaythi www.gems.gov.za ngohlu oluphelele lwayo yonke imibhalo ongayidinga ukuhambisa isicelo, noma fonela i-Call Centre yethu ku 0860 00 4367. Kubalulekile ukwazi ukuthi uma ungayifaki yonke imibhalo esiyidingayo, u-GEMS ngeke akwazi ukuqhuba isicelo sakho futhi kuyoba nokubambezeleka kuzo kwamukelwe yonke imibhalo edingekayo.
Njengenjwayelo, u-GEMS uphokophele ukukulethela izinzuzo zezempilo ezinhle kakhulu ezihambisana nephakethe lakho. Kuze kube manje, sikwazile ukugcina ukunyuka kwemininkelo yakho yanyangazonke ihambisana nokunyuka kwezokwelapha. Ukukunika ukukhetha okuningi yilokho isibophezelo sethu kuwena esingakho. Kunenketho yenzuzo elungele izidingo zezempilo zomndeni wakho kanye nephakethe lakho!
Lena iminikelo ephelele yanyangazonke kanti ayiyikhombisi Imali yokwelekela yomqashi. Uma umsebenzi efanelekile ukuthi athole imali yokwelekela, umqashi uyokhokha ingxenye yomnikelo bese kuthi ibhalansi ikhokhwe umsebenzi. Imali yokwelekela enkulu incike kusayizi wondeni futhi inomkhawulo ka 75% weminikelo yakho yanyangazonke, inomkhawulo ka R2 570.
Ngabe udinga ulwazi oluthe xaxa?
